Umgomo we-Spotify ukuvula amandla obuciko babantu – ngokunikeza izigidi zabaculi abangamaciko ithuba lokuphila ngobuciko babo kanye nezigidigidi zabalandeli ithuba lokujabulela futhi bakhuthazwe yibo. Sikholelwa ukuthi ukuzuza lo mgomo enkundleni yethu kwenziwe ukwamukela izinhlobo ezihlukene zokuzibonakalisa ngobuciko, imicabango, imibono, namazwi. Lokhu kungase kusho ukuthi okunye okuqukethwe enkundleni yethu kungase kungathandwa umuntu ngamunye noma okuqukethwe okutuswa i-Spotify.
Nokho, lokho akusho ukuthi uzenzela umathanda enkundleni yethu. Ngaphezu kwemigomo oyivumile elawula ukusebenzisa kwakho amasevisi ethu, le mithetho isiza ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu unokusebenzisa okuphephile nokujabulisayo.
Kungakhathaliseki ukuthi ungumculi, umenzi wama-podcast, noma unelinye igalelo, kubalulekile ukuqaphela lokho okuvunyelwe enkundleni yethu. Izibonelo ezisezahlukweni ezingezansi ezokufanekisa kuphela futhi azihlanganisi konke.
I-Spotify iyikhaya lemiphakathi lapho abantu bekwazi khona ukusungula, baveze imizwa yabo, balalele, babelane, bafunde, futhi bakhuthazeke. Ungakhuthazi udlame, ugqugquzele inzondo, uhlukumeze, uqhwage noma ube yingxenye yokuziphatha ngendlela engase ibeke abantu engozini yokulimala okubucayi okungokomzimba noma ukufa. Okufanele ukugweme:
Okuqukethwe okukhuthaza noma okutusa ukulimala okubucayi ngokomzimba okubhekiselwe kubantu ngabanye noma eqenjini kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Okuqukethwe okugqugquzela noma okusekela ubuphekula noma izenzo zodlame kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Okuqukethwe okubhekene nomuntu noma iqembu elihlukumezayo noma ukuhlukumeza okuhlobene nakho kuhlanganisa, kodwa akugcini ngalokhu:
Okuqukethwe okukhuthaza udlame noma inzondo ebhekiswe kumuntu noma eqenjini labantu ngokusekelwe kubuhlanga, inkolo, ubulili noma lokho abayikho ngokobulili, ucansi, indabuko, ubuzwe, lokho okuncamelayo kwezocansi, isimo sokuba umakadebona, ubudala, ukukhubazeka noma ezinye izici ezihlobene nokubandlululwa noma ukucwaswa okuhleliwe kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Okuqukethwe okugqugquzela ulwazi lwezokwelashwa oluyingozi olukhohlisayo noma oludukisayo olungase lulimaze ngale kwe-inthanethi noma lubangele ubungozi empilweni yomphakathi kuhlanganisa, kodwa akugcini kulokhu:
Okuqukethwe okugqugquzela ngokungemthetho ukudayiswa kwezimpahla ezilawulwayo noma ezingekho emthethweni kuhlanganisa, kodwa akugcini kuphela :
Okuqukethwe okugqugquzela, okunxenxa, noma okukhuthaza ukuhlukunyezwa noma ukuxhashazwa kwezingane ngokocansi kuhlanganisa, kodwa akugcini kulokhu:
Ukusungula ukusebenzisa okuhle ku-Spotify kudinga ukwethemba ukuthi abantu bayilokho abathi bayikho, ukuthi ngeke bagetshengwe, nokuthi akekho ozama ukulutha inkundla yethu. Ungasebenzisi izindlela ezinonya ukuze ukhohlise abanye. Okufanele ukugweme:
Okuqukethwe okulingisa abanye ukuze kukhohlise kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Okuqukethwe okukhangisa indaba engamampunge nekukhohlisayo ebekwe njengeqiniso ngezindlela ezinobungozi bokulimala kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Okuqukethwe okuzama ukushintsha noma ukugxambukela kwizinqubo ezihlobene nokhetho kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Okuqukethwe okuzama ukusebenzisa kabi umphakathi we-Spotify kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Sinokuqukethwe okuningi okumangalisayo ku-Spotify, kodwa kukhona izinto ezithile esingazivumeli enkundleni yethu. Ungaxhomi okuqukethwe okunodlame olwedlulele noma olunyantisayo, futhi ungaxhomi izinto ezibonisa ucansi ngokusobala. Okufanele ukugweme:
Okuqukethwe okukhangisa imifanekiso enyantisayo yodlame, unya, noma eminye imifanekiso eshaqisayo kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Okuqukethwe okuqukethe izinto ezibonisa ucansi ngokusobala kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Umthetho umthetho. Kungakhathaliseki ukuthi ungubani, kuyisibopho sakho ukuthobela imithetho nemithethonqubo esebenzayo. Okufanele ukugweme:
Okuqukethwe okwephula imithetho esebenzayo nezimiso kuhlanganisa, kodwa akugcini:
Okuqukethwe okwephula amalungelo obunikazi bobuciko kuhlanganisa, kodwa akugcini:
I-Spotify ihlose ukusebenzisa le mithetho ngokungaguquki nasezingeni lomhlaba wonke isebenzisa inhlanganisela yobuchwepheshe nokubuyekeza okwenziwa abantu. Ngaphezu kwemibiko yomsebenzisi, sisebenzisa amathuluzi azenzakalelayo athembele enhlanganiseleni yezinkomba ukuze sithole okuqukethwe okungahle kwephule Imithetho Yenkundla yethu.
Sinamaqembu omhlaba ochwepheshe abathuthukisa, agcina futhi aphoqelela Imithetho Yenkundla yethu. Uma kubikwa okuqukethwe okungenzeka kwephula umthetho, amathimba ethu azosebenza ukuze athathe isinyathelo esifanele sokuthobela umthetho.
Sibheka lezi zinqumo njengento ebucayi futhi sicabangela umongo lapho sihlola okungase kube ukwephulwa Kwemithetho Yenkundla yethu. Ukwephula imithetho kungase kuholele ekususweni kokuqukethwe okwephula umthetho ku-Spotify. Ukwephulwa komthetho okuphindayo noma okushaqisayo kungase kuholele ekutheni ama-akhawunti amiswe kanye/noma avalwe. Funda kabanzi mayelana nezinye izinyathelo esingase sizithathe ngokuqondene nokuqukethwe noma ama-akhawunti lapha.
Le Mithetho Yenkundla izosiza ekuqinisekiseni ukuthi i-Spotify ihlala iyinkundla evulelekile nephephile kumuntu wonke. Sizoqhubeka nokuhlola nokubuyekeza lolu lwazi njengoba kudingeka, ngakho sicela uphinde uhlole njalo. Kuye ngokuthi yimiphi imikhiqizo noma izici ze-Spotify ozisebenzisayo, ungase ube ngaphansi kwezimfuneko ezengeziwe.
Ingabe ikhona inkinga oyithole ngengxenye yokuqukethwe ku-Spotify? Uma ikhona sazise ngokuyibika lapha.