Imihlahlandlela Yomsebenzisi we-Spotify

Sanibona! Siyakwamukela Kwimihlahlandela Yomsebenzisi we-Spotify ("Imihlahlandlela Yomsebenzisi") esebenza uma usebenzisa amawebhusayithi e-Spotify, izinhlelo nezinsizakalo ezibiza ngegama le Mihlahlandlela Yomsebenzisi ("Izinsizakalo") kuhlanganisa nokufinyelela noma iyiphi inhlobo yempahla noma okuqukethwe okwenziwa kutholakale kusetshenziswa lezo Zinsizakalo ("Okuqukethwe"). Le Mihlahlandlela Yomsebenzisi yenzelwe ukuqinisekisa ukuthi Izinsizakalo zihlala zithokozelwa yibo bonke abantu. Ngaphezu kwale Mihlahlandlela Yomsebenzisi, okuqukethwe kufanele kunamathele Emithethweni Yepulatifomu ye-Spotify ("Imithetho Yepulatifomu").

Singayibuyekeza le Mihlahlandlela Yomsebenzisi Nemithetho Yepulatifomu izikhathi nezikhathi – ungathola inguqulo yakamuva kuwebhisayithi yethu.

Ukungayithobeli Imihlahlandlela Yomsebenzisi noma Imithetho Yepulatifomu kungaba nomphumela wokususwa kwanoma yikuphi okuqukethwe noma impahla oyifakile Ezinsizakalweni kanye/noma ukunqanyulwa noma ukumiswakwe-akhawunti yakho. Siyazama ukwenza Izinsizakalo zitholakale kabanzi kubo bonke abantu, kodwa ngeke ukwazi ukusebenzisa Izinsizakalo zethu uma siyinqamulile i-akhawunti yakho kunoma iyiphi enye Yezinsizakalo zethu. Futhi asiyivumeli imizamo yokugwema ukuqinisekisa ukuthotshelwa kwezenzo zethu, okufaka ukuthi kusungulwe ama-akhawunti amasha.

Lokhu okulandelayo akuvunyelwe nganoma yisiphi isizathu noma esinjani ngokuphathelene Nezinsizakalo kanye nempahla noma okuqukethwe okwenziwa kutholakale Ngezinsizakalo, noma iyiphi ingxenye yakho:

  1. ukukhiqiza kabusha umkhiqizo womunye umkhiqizi ngemuva kokuwehlukanisa nokufunda ngesakhiwo sawo, ukuguqula imiyalelo yohlelo lwekhompyutha ibe ileyo abantu abangayiqonda kalula, ukuqaqa, ukuguqula, noma ukwakha imisebenzi esungulwe kuleyo ekhona, ngaphandle uma lokho kuvinjelwa kungavunyelwe umthetho osebenzayo. Uma umthetho osebenzayo ukuvumela ukuthi uqaqe noma iyiphi ingxenye Yezinsizakalo noma Yokuqukethwe lapho kudingeka khona ukuze kutholakale ulwazi oludingekayo lokwakha uhlelo oluzimele olungasetshenziswa Nezinsizakalo noma nolunye uhlelo, ulwazi oluthola kule misebenzi (a) lungasetshenizswa kuphela ngenhloso engenhla, (b) akufanele ludalulwe noma ludluliswe ngaphandle kwemvume ye-Spotify etholakale kuqala ebhalwe phansi kunoma yiliphi iqembu lesithathu okungenasidingo sokuthi ludalulwe noma ludluliswe ukuze kufezwe leyo nhloso, futhi (c) akufanele lusetshenziselwe ukwakha isofthiwe noma insizakalo efana kakhulu ngendlela ebukeka ngayo nanoma iyiphi ingxenye Yensizakalo noma Okuqukethwe;
  2. ukukopisha, ukukhiqiza kabusha, ukusabalalisa kabusha, "ukudabula," ukuqopha, ukudlulisa, ukuthokozisa abantu ngokucula, ukudlulisa idatha okudijithali, ukuxhumanisa nomphakathi noma ukukhangisa emphakathini, ukusakaza, noma ukwenza kutholakale emphakathini, nanoma yikuphi okunye ukusetshenziswa okungavunyelwe ngokucacile ngaphansi Kwezivumelwano noma umthetho osebenzayo, noma okwephula ngezinye izindlela amalungelo obunikazi balokho okuqambile;
  3. ukukopisha ulwazi olusuka ohlelweni lwekhompyutha luya kolunye noma ukukopisha noma yimaphi amafayela onawo kudivayisi yakho ongenalo ilungelo elisemthethweni lokuwangenisa noma ukuwakopisha ngale ndlela;
  4. ukudlulisa amakhophi Okuqukethwe okugciniwe kusuka Kudivayisi egunyaziwe kuya kwenye Idivayisi noma iyiphi kusetshenziswa noma iyiphi indlela;
  5. "ukukhasa" noma "ukukhothoza", okwenza ngokwakho noma okwenza ngendlela ezenzakalelayo, noma ukusebenzisa noma iyiphi indlela ezenzakalelayo (kuhlanganise amabhothi, okukhothozayo, kanye nezicabucabu), ukubuka, ukufinyelela noma ukuqoqa imininingwane, noma ukusebenzisa noma iyiphi ingxenye Yamasevisi noma Okuqukethwe ukuqeqesha umshini wokufunda noma imodeli ye-AI noma ukufaka Okuqukethwe Ku-Spotify emshinini wokufunda noma kumodeli ye-AI;
  6. ukudayisa, ukuqasha, ukunikeza izincwadi zokusebenza njengeqembu lesithathu, ukuqashisa noma okunye ukwakha imali ngaphandle uma kuvunyelwe ngokucacile ngaphansi Kwezivumelwano;
  7. ukudayisa i-akhawunti yomsebenzisi noma uhlu lwezingoma ezidlalwayo, noma ukuvuma ngezinye indlela noma ukuzinikela ukwamukela noma yikuphi ukukhokhelwa, ngokwemali noma ngenye indlela, ukuba nomthelela egameni le-akhawunti noma uhlu lwezingoma ezidlalwayo noma okuqukethwe okufakwe kwi-akhawunti noma uhlu lwezingoma ezidlalwayo; noma
  8. ukwengeza izibalo zokudlalwa kwezingoma ngokwenziwa abantu noma izibalo zabalandeli, ukukhangisa Okuqukethwe ngokwenziwa abantu, noma enye indlela yokuguqula izinto ngendlela yokukhohlisa okufaka ukwenza kanje (i) ukusebenzisa noma iyiphi i-bot, umbhalo, noma enye inqubo zenzekelayo, (ii) ukuhlinzeka noma ukwamukela noma iyiphi indlela yenkokhelo (okuyimali noma ngenye indlela), noma (iii) nganoma iyiphi enye indlela;
  9. ukugwema noma ibuphi ubuchwepheshe obusetshenziswa i-Spotify, abakhipha izincwadi zayo zokusebenza, noma yiliphi iqembu lesithathu, kufaka noma ikuphi ukuvinjelwa kokufinyeleleka kumkhakha noma kokuqukethwe okusetshenziswa i-Spotify, noma abakhipha izincwadi zayo zokusebenza;
  10. ukugwema noma ukuvimba izikhangiso noma ukwakha noma ukusabalalisa amathuluzi adizayinelwe ukuvimba izikhangiso;
  11. ukususa noma ukuguqula noma yiziphi izaziso zobunikazi, uphawu lokuhweba, noma ezinye zokuqanjiwe (okufaka ukukwenza ngenhloso yokufihla noma ukuguqula noma yiziphi izibonakaliso zobunikazi noma umthombo);
  12. ukusula noma ukuguqula noma iyiphi ingxenye Yezinsizakalo noma Okuqukethwe ngaphandle uma kuvunyelwe ngokucacile ngaphansi Kwezivumelwano noma, lapho Okuqukethwe okwenziwe kwatholakala omunye umsebenzisi, ngemvume yalowo msebenzisi ecacile; noma
  13. ukuhlinzeka ngephasiwedi yakho kunoma yimuphi omunye umuntu noma ukusebenzisa igama lomsebenzisi lomunye umuntu nephasiwedi.

Sicela uhloniphe i-Spotify, abanikazi bempahla nokuqukethwe Ezinsizakalweni, nabanye abasebenzisi Bezinsizakalo. Ungazibandakanyi kunoma yikuphi ukwenza, ufake noma yikuphi Okuqukethwe Komsebenzisi ukuze kubonwe abantu, noma ubhalise noma usebenzise igama lomsebenzisi, okuyilokhu noma okufaka noma iyiphi impahla eyenza lokhu:

  1. akukho emthethweni, noma kuhloswe ngakho ukukhuthaza noma ukwenza noma yisiphi isenzo esingekho emthethweni sanoma iluphi uhlobo, okufaka nokunukubezwa kwanoma yimaphi amalungelo obunikazi balokho okuqambile, amalungelo obumfihlo, amalungelo okuveza obala, noma amalungelo obunikazi e-Spotify noma iqembu lesithathu, noma angephula noma yisiphi isivumelwano oyingxenye yaso, esifana, ngokwesibonelo hhayi umkhawulo, isivumelwano sokuqopha somuntu oyedwa noma iqembu elilodwa kuphela noma ilungelo lokushicilela;
  2. kufaka iphasiwedi yakho noma kufaka ngenhloso iphasiwedi yanoma imuphi omunye umsebenzisi noma kufaka ngenhloso idatha yomuntu siqu yamaqembu esithathu noma kuhloswe ngakho ukucela leyo datha yomuntu siqu;
  3. kuchaya ulwazi oluyimfihlo noma lobunikazi beqembu lesithathu noma ulwazi lomuntu siqu ngawe okungafanele ukuthi lusakazelwe abantu emhlabeni jikelele;
  4. kufaka okuqukethwe okuyingozi okufana nezinhlelo ezilimaza amakhompyutha, izinto ezilimazayo ezihlasela ngaphakathi, noma amavayirasi, noma ngenye indlela oluphazamisana nokufinyeleleka yinoma yimuphi umsebenzisi Kwensizakalo ye-Spotify;
  5. kulingisa noma kuveza ngokungeyikho ubudlelwano bakho ne-Spotify (kufaka, ngokwesibonelo, ukusebenzisa okuqukethwe kwe-Spotify okunelungelo lobunikazi, ukusebenzisa i-logo ye-Spotify ngaphandle kwemvume, noma nganoma iyiphi indlela ukusebenzisa izimpawu zohwebo ze-Spotify ngendlela edidayo), omunye umsebenzisi, umuntu, noma inhlangano, noma ngenye indlela akukho emthethweni, kungamanga, kuyakhohlisa, noma kuyedusa;
  6. kubandakanya ukuhanjiswa kwemiyalezo eminingi ngeposi noma ezinye izinhlobo zemiyalezo engaceliwe, iposi elingadingeki, izincwadi eziningi ezilandelanayo okucelwa ukuthi zidluliselwe kwabanye noma okufanayo;
  7. izenzo zohwebo noma zokudayisa ezingagunyaziwe, ezifana nokukhangisa, amaphromoshini, imincintiswano, imitomulo, ukugembula, ukubheja, noma amabhanoyi;
  8. ukuxhumanisa okungagunyaziwe, ukubiza ngegama, noma ukukhangisa ngenye indlela imikhiqizo yezohwebo noma izinsizakalo, ngaphandle uma kugunyazwe ngokucacile i-Spotify;
  9. kuphazamisana noma nganoma iyiphi indlela kuthikameza Insizakalo ye-Spotify, ukuthinta nokuzama ukushintsha, ukwephula, noma imizamo yokuphenya, ukuskena, noma ukuhlola ukuba sengozini Ensizakalweni ye-Spotify noma izinhlelo zamakhompyutha ze-Spotify, inethiwekhi, imithetho yokusetshenziswa, noma ngabe yiziphi izakhi zokuvikeleka ze-Spotify, izindlela zokuqinisekisa ubuqiniso nanoma yiziphi ezinye izindlela zokuvikela ezisebenza Ensizakalweni ye-Spotify, Okuqukethwe noma enye ingxenye yakho;
  10. kungqubuzana Nemigomo Nemibandela ye-Spotify Yokusetshenziswa noma nanoma iyiphi imigomo noma izinqubomgomo ezisebenza ekusebenziseni kwakho noma iyiphi enye Yezinsizakalo; noma
  11. kususiwe kunoma iyiphi enye yezinsizakalo zethu ngenxa yokungathobeli imigomo noma izinqubomgomo, okufana nengoma engavunyelwe, isiqephu noma umbukiso. Lokhu kufaka okuqukethwe okwakhiwayo noma okuguqulwayo ukuze kuphindwe kwakhiwe noma kufeze inhloso eyodwa Nokuqukethwe okwasuswa phambilini.