Ekhokhelwayo Yomndeni

Ama-akhawunti Ekhokhelwayo angu-6 wamalungu womndeni ahlala ngaphansi kophahla olulodwa. U-R99.99/ngenyanga. Khansela noma nini.

Lalelani ndawonye. Noma lalela uwedwa.

Ngama-akhawunti ahlukene, nonke ningajabulela ukulalela umculo wenu ongenazo izikhangiso ngaphandle kokushintshana.

Inani elingcono kakhulu lomndeni

Amalungu omndeni angaphansi kophahla olulodwa angakwazi ukujabulela ama-akhawunti Ekhokhelwayo afika kwangu-6. Ukhokha u-R99.99 kuphela ngenyanga.

  • Isizathu sokuthola Ekhokhelwayo Yomndeni?

    • Dlala ungaxhunyiwe ku-inthanethi. Lalela nomaphi.
    • Ukulalela umculo ongenazikhangiso. Jabulela uthelawayeka womculo
    • Dlala izingoma nganoma iyiphi indlela.
    • Ikhwalithi yomsindo ephakeme. Yizwa umsindo.
  • Usunayo kakade i-Spotify Ekhokhelwayo?

    Uma noma ubani kumndeni wakho esenayo kakade i-akhawunti ye-Spotify, angakwazi ukushintshela kokuthi Umndeni futhi aqhubeke agcine konke okwakhe

    • Umculo
    • Izinhla zokudlalayo
    • Izincomo

Izilawuli zomzali

Setha izihlungi zokuqukethwe okunenhlamba kumalungu omndeni asebenzisa Ekhokhelwayo, ukuze uzokwazi njalo ukulawula lokho akwazi – kanye nangakwazi – ukukuzwa.

hero_image

Khansela noma nini

Ekhokhelwayo Yomndeni ayikulungele? Ayikho inkinga – ungakhansela noma nini lapho ufuna.

Kulula ukuthola Ekhokhelwayo Yomndeni

  • Bhalisa noma ngena ngemvume nge-akhawunti yakho ekhona kakade.

  • Mema amalungu omndeni ophila nawo Kwekhokhelwayo.

  • Amalungu omndeni amukela isimemo esekhaya, aqinisekise ikheli lawo, futhi yilokho nje – usuyingxenye yomndeni. *

* Amalungu epulani yomndeni kufanele ahlale ekhelini elifanayo ukuze ajoyine Ekhokhelwayo Yomndeni.

Imibuzo?

Sinazo izimpendulo.

  • Ingabe sihlanganyela i-akhawunti, noma ingabe umuntu ngamunye uthola eyakhe?

    Lonke ilungu lomndeni elimenywe Kwekhokhelwayo Yomndeni lithola i-akhawunti yalo Ekhokhelwayo, ukuze uzokwazi ukudlala umculo wakho noma nini lapho ufuna khona. Akudingekile ukuthi nisebenzise imininingwane yokungena yomunye nomunye noma nihlele isikhathi sokuthi niyisebenzisa nini i-Spotify. Futhi ngenxa yokuthi manje ninama-akhawunti ahlukene, izincomo zomculo ziklanyelwe lokho okuthandwa umuntu ngamunye.

  • Senginayo kakade Ekhokhelwayo. Kwenzekani kuwo wonke umculo wami olondoloziwe?

    Ungakwazi ukuthuthukela kokuthi Umndeni nge-akhawunti Yekhokhelwayo ekhona kakade futhi ugcine wonke umculo wakho olondoloziwe, izinhlu zokudlalayo nezincomo.

  • Isebenza kanjani ibhili? Ingabe siyazihlukanisa izindleko?

    Umuntu othenga okuthi Umndeni uzothola ibhili eyodwa ka-R99.99 njalo ngenyanga.

  • Sikwazi ukulalela lapho sisekhaya kuphela?

    Ungakwazi ukulalela i-Spotify noma yikuphi lapho ofuna khona, kunoma iyiphi idivayisi.

Ekhokhelwayo Yomndeni

Ama-akhawunti Ekhokhelwayo angu-6 wamalungu womndeni ahlala ngaphansi kophahla olulodwa. U-R99.99/ngenyanga. Khansela noma nini.