Ukuphepha Nesikhungo Sobumfihlo

Ubumfihlo

Iqoqa idatha yakho yomuntu siqu

Kubalulekile kakhulu kithi ukuthi uqonde ukuthi iyiphi idatha yomuntu siqu esiyiqoqayo mayelana nawe, indlela esiyiqoqa ngayo, nokuthi kungani kudingekile.

Siqoqa idatha yakho yomuntu siqu ngezindlela ezilandelayo:

  1. Lapho ubhalisela Isevisi ye-Spotify noma lapho ubuyekeza i-akhawunti yakho - siqoqa idatha ethile yomuntu siqu ukuze senze i-akhawunti yakho ye-Spotify ukuze uzokwazi ukusebenzisa Isevisi ye-Spotify. Lokhu kuhlanganisa igama lakho lephrofayela nekheli le-imeyili, njengoba kuchazwe ngokwengeziwe esigabeni 3 Senqubomgomo yethu Yobumfihlo.
  2. Ngokusebenzisa kwakho Isevisi ye-Spotify - uma usebenzisa noma ufinyelela Isevisi ye-Spotify, siqoqa futhi sicubungula idatha yomuntu siqu emayelana nezenzo zakho. Lokhu kuhlanganisa izingoma oke wazidlala nezinhla zokudlalayo ozenzile. Lesi isigaba Sedatha Yokusetshenziswa esiqukethwe esigabeni 3 Senqubomgomo yethu Yobumfihlo.
  3. Idatha yomuntu siqu okhetha ukusinikeza yona - ngezikhathi ezithile, ungase futhi usinikeze idatha yomuntu siqu eyengeziwe noma usinikeze imvume yokuthi siqoqe idatha yomuntu siqu isib. ukuze sikunikeze izici noma ukusebenza okwengeziwe. Lokhu kungase kuhlanganise izigaba Zedatha Yezwi, Ezedatha Yenkokhelo Nokuthenga kanye Nezedatha Yenhlolovo Nocwaningo eziqukethwe esigabeni 3 Senqubomgomo yethu Yobumfihlo.
  4. Idatha yomuntu siqu esiyithola emthonjeni yezinkampani zangaphandle - uma ubhalisela i-Spotify usebenzisa enye isevisi noma uxhuma i-akhawunti yakho ye-Spotify kuhlelo lwenkampani yangaphandle, isevisi noma idivayisi, sizothola idatha yakho kulezo zinkampani zangaphandle. Singase sithole idatha yakho kubahlinzeki besevisi yezobuchwepheshe, ozakwethu bezokukhokha kanye nozakwethu bokukhangisa nokumaketha. Bona isigaba 3 Senqubomgomo Yobumfihlo ukuze uthole imininingwane eyengeziwe.